Johannesburg - Kuzothatha cishe isikhathi esingangezinyanga ezintathu ukuthi kubuye imiphumela yokuhlolwa kwegazi lukaLudwick Mamabolo, kusho iSA Institute for Drug-Free Sport (SAID) ngoLwesine.
"Uma umsubathi esevumile ukuthi kuhlolwe igazi okwesibili, lokho kukodwa kuthatha isikhathi esingamasonto amabili," kusho isikhulu uKhalid Galant.
"Kungase kuthathe izinyanga ezimbili noma ezintathu ngaphambi kokukhishwa kwemiphumela."
UMamabolo owadla umhlanganiso kuComrades eyayingoJuni 3 watholakala enesidakamizwa sohlobo lwe-methylhexaneamine emzimbeni, nesingavunyelwe.
"Usamisiwe okwesikhashana njengoba kusaqhubeka uphenyo ngakho ngeke akwazi ukuzibandakanya kwezemidlalo. Lokhu kwake kwenzeka nakuLance Armstrong."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA