Amsterdam - Nakuba imibiko yabezindaba eBelgium ithi iRacing Genk, okuyiqembu okudlala kulona umdlali weBafana Bafana, u-Anele Ngcongca, ifuna uKnowledge Musona, iSiya crew isibike ukuthi mancane amathuba okuba lokho kwenzeke.
Iphephandaba laseBelgium, iHet Laatste Nieuws, ngoMsombuluko libike ukuthi iGenk ingase ithenge lo mdlali waseZimbabwe uma igcina ivumile ukuba umgadli wayo, uJelle Vossen, ajoyine iMiddlesborough, yaseNgilandi, kodwa imibiko yakamuva ithi lokhu kungase kungenzeki.
NgoLwesihlanu kwabikwa ukuthi uMusona obezilolonga neqembu
elincane leTwente, angase ajoyine leli qembu lingakavalwa iwindi lokuthengwa
kwabadlali, njengoba nemenenja yakhe lo mdlali yakuqinisekisa ukuthi lo mdlali
useHolland.
Phambilini uMusona kwasekusele kancane abolekiswe kuKaizer Chiefs, kodwa kwangenzeka njengoba lo mdlali wathi usafuna ukuhlala e-Europe, ngoba kungenzeka izinto zimlungele.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.