Johannesburg - Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns uKeagan Dolly usevumile ukuthi ngesizini edlule ubengadlali ibhola lakhe elisezingeni kanti manje useyabuyela ezingeni lakhe.
UDolly uchithe isizini edlule egijima kwi-Ajax Cape Town kanti uzakhele udumo kuyona ngaphambi kokujoyina iDowns ekuqaleni kwale sizini.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uthe nakuba engakafinyeleli ezingeni azimisele ukuba kulona kodwa uyathemba ukuthi ngokuqubeka kwemidlalo neqembu lakhe elisha nakanjani uzoba ngomunye wabadlali abahamba phambi kuleli.
OLUNYE UDABA: Lingase lithathelwe ezomthetho ibhokisa elikhulelwe
"Ngiyavuma ngalokhu abantu abakushoyo. Angibanga nesizini enhle ngesizini edlule (2014/15).
Kodwa kumele abantu bakuqonde ukuthi ngike ngalimala ngahlala amasonto angu-8 ngingalithinti ibhola.
Lokho kungenzeka ukuthi kube nomthelela ngendlela engidlala ngayo."
"Kungisizile ukuthola ithuba ne-Under 23 ngoba lokhu kunginikeze ithuba lokudlala ngabuyelwa nakuwuzethemba," lo mdlali etshela iSoccerLaduma.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter