Share

Angikaze ngiphumule eminyakeni emibili - OweBucs

Johannesburg – Isilomo somdlali wasesiswini se-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa ungomunye wabadlali baseNingizimu Afrika asebedlale imidlalo eminingi kule minyaka emibili eyedlule.

Ngokubika kweSoccerLaduma lo mdlali ongukaputeni wamaBhakabhaka akakaze akuthole ukuphumula kule minyaka njengoba ebeyingxenye yemidlalo eyahlukene yeBafana Bafana neyeqembu lakhe.

IBucs isanda kubuyela kuleli ngemuva kokuyodlala umdlalo weCAF Confederations Cup eTunisa lapho ihlule khona i-CS Sfaxien ngegoli elilodwa eqandeni.

Kulo mdlalo uManyisa udlale yonke imizuzu engu-90.

OLUNYE UDABA:UKhune unqabe isiphakamiso sokuya eDenmark - Umbiko

Ngokubona imidlalo yeBucs kuse kude lo mdlali athole ikhefu alidingayo njengoba ngoMgqibelo ezobe edlala umqhudelwano weCarling Black Label Cup neKaizer Chiefs kuthi ngemuva kwezinsuku ezintathu iqembu lakhe liphinde libhekane ne-Ajax Cape Town emqhudelwaneni e-MTN8.

Ekhuluma neSoccerLaduma uManyisa uvumile ukuthi uyalidinga ikhefu kodwa ukubeke kwacaca ukuthi uzokwazi ukubhekana nenselelo ezayo uma engalitholi ikhefu.

"Angikaze ngiphume eminyakeni emibili.

Bengidlala kwiChampions League, ngadlala kwi-AFCON ngaphinde ngadlala kwiCHAN nemidlalo yeligi.

Akukhona ukuthi ngikhathele – kubalulekile ukuthi umzimba uhlale ukhuthazekile kodwa uyakudinga futhi nokuphunyuzwa. 

Ayikho ingozi ngalokhu ngoba ngiyazifela ngebhola likanobhutshuzwayo,” kusho lo mdlali oteketiswa ngelika-Ace.

UManyisa uyena ohamba phambili ngamavoti kubadlali abagijima ensimini kwiCarling Black Label Cup.

          - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

               - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 356 votes
No! It's time to move on ...
36% - 197 votes
Vote
Rand - Dollar
19.06
+0.8%
Rand - Pound
23.74
+0.9%
Rand - Euro
20.38
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.37
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
909.00
-0.4%
Palladium
985.50
-1.9%
Gold
2,320.40
+0.2%
Silver
27.21
+0.2%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
67,907
-1.0%
All Share
73,854
-0.9%
Resource 10
61,010
+0.9%
Industrial 25
101,990
-1.9%
Financial 15
15,787
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE