Johannesburg – Umdlali wasemuva kuKaizer Chiefs, uSiboniso Gaxa, udalule ukuthi yini emenza aqhubeke nokudlala ngentshisekelo, kusho umbiko.
UGaxa ongumunye wabadlalai abagqamile odongeni lweChiefs olwangenelwa amagoli amancane kunawo wonke amaqembu ku-PSL ngesizini eyedlule.
Lo mdlali, 31, waqala yonke imidlalo yeligi ngesizini ephelile, kanti ukhulume neSoccer Laduma ngokuthi yini emgqugquzelayo ekutheni ahlezi ezimisele.
OLUNYE UDABA: Angisiboni isidingo sokuphumuza abadlali - Gaxa
“Abazali bami sebeke bangibona ngidlala. Umama wami usaphila, uyaziqhenya ngami. Ngiphuma kude nempilo, namhlanje ngiwutho ngakwazi nokukhuphula isibongo somndeni wami,” esho.
“Yilokho nje okumqoka kimi – ukubanikeza ithemba nesibindi. Sesingumndeni ohloniphekile manje emphakathini ngenxa yokuzimisela kwami.”