Johannesburg - Umgadli u-Edward Manqele weqembu iMamelodi Sundowns, uthi akanayo nencane inkinga ekulweleni ijezi njengoba ethi lokho kuzomenza asebenze ngokuzimisela.
UManqele ujoyine amaBrazilians ekade edlalela iFree State Stars, eqenjini lakhe lisha uzobanga ijezi noNyasha Mushekwi, Katlego Mphela, Richard Henyekane, Simba Sithole no-Eleazar Rodgers, osanda kusayiniswa.
UManqele uqalile ukuzibonakalisa ngesikhathi evalela elinye lamagoli angu-4, ekwadliwa ngawo iKaizer Chiefs kowe-MNT8.
“Ukuncintisana kuyohlale kukhona, ngizodlala ngokuzimisela ngoba ngifuna ukubona iqembu liqoqa izinkomishi," esho etshela i
KickOff.
“Ngangazi ukuthi angeke kube lula kumaBrazilians, engikwaziyo wukuthi ngizozimisela."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
News24