Amakhosi aye kulo mdlalo ngemuva kokudlala ngokulingana neMamelodi Sundowns lapho waphela ngo 1-1.
Ngokubika kwe-Soccer Laduma umgadli waleli qembu osolwe kakhulu ngabalandeli beChiefs ngemuva komdlalo wangoLwesibili uKingston Nkhatha uzwakalise ukudumala ukuthi abagadli baleli qembu abawabhakuzisi amanethi.
“Kuyadabukisa okwenzekayo.
Njengomgadli awuwashwebi amagoli ngamabomu.
OLUNYE UDABA:UBaxter uphawula ngokudlaliswa kukaNkhatha
Siyalwa kakhulu enkundleni ukuze sishaye amagoli kodwa kungenzeki kodwa siyazi ukuthi leli bhadi esinali lisazodlula,” esho .
“Izinto zisenzima okwamanje njengoba singawashayi amagoli kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi nakanjani lokhu esibhekene nakho kuzodlula,” kuqhuba lo mgadli odabuka eZimbabwe.
Kulo mdlalo weChiefs neCity uNkhatha ukhishwe umdlalo ungakapheli abalandeli bengasafuni nakumbona enkundleni njengoba eshwebe amanye amabhola obekufanele ngabe uwaqobela phakathi.
Akaqali ukuzakhele isigcwagcwa kubalandeli njengoba nangesizini edlule babe bengasamfuni kodwa umqeqeshi uStuart Baxter wamncengela kubalandeli ukuba bambekezelele.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho