Johannesburg - IMamelodi Sundowns izotholana phezulu nePlatinum Stars kowe-MTN 8 ngempelasonto, kanti umqeqeshi weDowns, uPitso Mosimane, uzwakalise ukuthi yize bengazi lutho olutheni ngeStars, kepha bawulungeleo lo mdlalo.
UMosimane uthe bafukulwe kakhulu yimidlalo abebeyidlala ngaphambi kokuqala kwesizini.
"Abadlali bami basesimweni esikahle kakhulu. Yize singekho lapho singathanda ukuba khona, kodwa ngicabanga ukuthi uma sibheka mayelana nomdlalo ozayo - konke kuhamba kahle.
"Siwulungele umdlalo kanti nabadlali batshengisa ukuzethemba. Nakanjani sifuna ukunqoba ngakho sizoya kulo mdlalo sibheke ukudlulela emzuliswaneni olandelayo," esho, etshela i
Siya crew.AmaBrazilians azimisele ngokuqumba phansi leli qembu elabakhipha koweTelkom Knockout ngesizini eyedlule.
IDikwena yiyo ompetha be-MTN8 neTelkom Knockout.
ISundowns izokwamuleka iStars eLoftus Stadium ngoMgqibelo ntambama, kulo mdlalo ozoqala ngo-15:00.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.