Pretoria- Umdlali wasesiswini, uThuso Phala, uthi ayikho ingcindezi eqenjini leSuperSport United ngemuva kokuba leli qembu lishaywe yiBidvest Wits emdlaweni walo wokuqala weLigi lase liphendula amatafula selibhekene neChippa United emdlalweni wesibili.
Ekhuluma neSiya crew ngaphambi komdlalo wabo neFree State Stars, uPhala uzwakalise ukuthi ayikho ingcindezi abangaphansi wayo wathi bonke abadlali bayakwazi okumele bakwenze
“Ayikho nencane ingcindezi, kuphela nje abadlali bayayazi into abayifunayo. Siyazi ukuthi kunzima ukudlala neFree State Stars futhi nesimo okudlalwa ngaphansi kwaso asivamile ukuba sihle, kodwa ngesizini edlule sakwazile ukwenza kahle ngesikhathi sidlala nabo.
“Abadlali abasha baqhuba kahle eqenjini, uMichael Morton unaso isipiliyoni sokudlala ku-PSL ngakho akubanga nzima ukujwayela, uLerato Manzini naye uqhuba kahle nakuba athola ukulimala ngesikhathi sidlala ne-Orlando Pirates, kanti u-Andile Fikizolo ukhombisa ukukhula njalo uma ethola ithuba,” kuqhuba lo mdlali.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.