Durban - IKaizer Chiefs ngeke izikhathaze kakhulu ngoLehlohonolo Majoro kowamanqamu eMTN8, kusho okhulumela iqembu uVina Maphosa.
UMajoro wajoyina i-Orlando Pirates ngasekuqaleni konyaka ngemuva komdonsiwano obuphakathi kwakhe neChiefs eyayingafuni ukumdedela, kubieka iKickOff.com.
Lo mdlali usefomini emangalisayo muva nje, njengoba eseshaye
amagoli amane selokhu kuqale isizini.
Nakuba kunjalo, uMaphosa uthi amaGlamour Boys awakhathazekile
nakancane ngokuthi uMajoro angase afune ukulimaza iqembu lakhe lakudala.
Funda nalulu daba:
"Asikhathazekile ngokuthi uzobe elambele ukushaya amagoli ngoMgqibelo,” kusho uMaphosa.
"Ukuthi zodlala noma cha uMajoro, asinankinga ngoba akukho
esingakwazi ngaye. Wadlalela iKaizer Chiefs iminyaka emine,” usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.