IPirates iguqise iFree State Stars emdlalweni obunzima ngoMgqibelo ebusuku.
Umdlalo wabo olandelayo bazowudlala neMpumalanga Black Aces eMbombela Stadium ngoLwesibili.
USarr ukhulume neSiya crew ngaphambi kwalo mdlalo wathi iqembu alilitholanga ithuba lokuzelula.
OLUNYE UDABA: Ukunqoba kusegazini lami - Sarr
"Besizilolonga ngeSonto ngenxa yokuthi siyadlala ngoLwesibili. Sizobhekisa amabombo eMbombela ngoMsombuluko okusho ukuthi ngeke sisithole isikhathi sokuphumula.
“Kumele siqhubeke nokudlala ngezikhwepha ngaso sonke isikhathi. Ngeke kube lula kepha kumele sibheke ukunqoba yonke imidlalo esihlalele,” kuphetha lo mdlali waseSenegal.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter