Share

Asizange siliphose ithawula - OweBucs

Johannesburg – Kuqale kwayibhedela i-Orlando Pirates ngesiwombe sokuqala emdlalweni wayo neSuperSport njengoba kuyiwe ekhefini ihlulwa ngelilodwa eqandeni kulo we-Absa Premiership.  

Ngesiwombe sesibili Amabhakabhaka enze izinguquko afaka u-Issa Sarr  aqala ukudlala ibhola elihlanganayo.

USarr akuphelanga isikhathi esingakanani esenkundleni wazibonakalisa ubukhona bakhe ngesikhathi ebhakuzisa inethi elinganisa kanti usuyophela umdlalo uSifiso Myeni yena uqobele elikunqobisa iBucs kulo mdlalo ophele i-United isidlala ngabadlali abayishumi. 

Igoli le United ngesiwombe sokuqala libhakuziswe nguThuso Phala. 

USarr utshele i-Soccer Laduma ukuthi nakuba isikhathi besesihambile ngaphambi kokuthi bashaye amagoli okulinganisa nelokunqoba imfihlo kube wukungaliphosi ithawula kulo mdlalo.  

OLUNYE UDABA: IBucs inelungelo lokwelula inkontileka kaManyisa

Lo mdlali wasesiswini odabuka eSenegal uthe njengeqembu bekubalulekile ukuthi baguqule amatafula babuyele ekunqobeni.  

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu kuwona womabili la maqembu.

Ngesiwombe sokuqala bathole amathuba amaningi abahlulekile ukuwasebenzisa.

Kodwa asizange siliphose ithawula siqhubekile nokulwa enkundleni .

Ngemuva kwegoli lokulinganisa sibonile ukuthi singakwazi ukuwnqoba lo mdlalo uma siqhubeka nokubacindezela,” kusho uSarr oke wagijima kwiPlatinum Stars. 

NgoLwesithathu iBucs izobhekana ne-University of Pretoria.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 340 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 472 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.94
-0.2%
Rand - Euro
20.46
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.35
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
911.00
+1.6%
Palladium
1,008.15
+0.6%
Gold
2,222.33
+1.3%
Silver
24.87
+0.9%
Brent-ruolie
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE