Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uthe akulona iqiniso ukuthi ayikho intshisekelo ngomdlalo wangempelasonto womkhaya weCarling Black Label Cup.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zizogadulisana okokuqala kusukela zadlala umdlalo ongabanga namagoli ngoMashi koweligi, kubika iKickOff.com.
"Umdlalo womkhaya awukaze ube ngowobungani, sizodlalela ukunqoba ngoba yileyo nto efunwa abalandeli," esho esithangamini sabezindaba.
OLUNYE UDABA: Ngiyabathemba abadlali bami - Tinkler
"Owomkhaya ubaluleke kakhulu, akudingi uze ugqugquzeleke. Kuzothiwa iPirates ikhathele kanti iChiefs sekunesikhathi ingadlali, kepha ekugcineni kosuku kumele sidlalile."
Lo mqeqeshi uthi nokho ukhathazekile ngefomu yabadlali bakhe njengoba bedlala kweye-CAF Confederation Cup, kodwa wathi uyabathemba.