Johannesburg - Ukaputeni weSuperSport United uClayton Daniels uthi ukuxoshwa kukaCavin Johnson kubavule amehlo, wathi nabo kumele basolwe njengeqembu ngokungenzi kahle.
IKickOff.com ibike ngokuxoshwa kukaJohnson ngoLwesihlnau, kwafakwa umqeqeshi ka-U19 uKaitano Tembo esikhundleni sakhe.
Nguye uTembo ozobe ebambe amatomu uma i-United isitholana phezulu neKaizer Chiefs e-FNB Stadium kusihlwa.
“Besazi sonke obekwenzeka ngoba umqeqeshi ubengasifihleli lutho," esho.
“Isimo asisihle ngenxa yokuthi silahlekelwe ngumqeqeshi onohlonze kepha ebholeni izinto ezinje ziyenzeka. Ngicabanga ukuthi nathi njengabadlali kumele sithweswe icala.
“Kusivule amehlo lokhu. Ukuxoshwa kukamqeqeshi kusho ukuthi nathi asiphephile," esho.
UDaniels uthi nokho kuzomele bakhohlwe kancane yizinkinga banake umdlalo wabo neChiefs.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter