Johannesburg - IMamelodi Sundowns ikhathazekile ngemali eyasetshenziswa yiqembu ku-Edward Manqele, nokuyisona sizathu esenze kwanzima ukuthi lo mdlali athole ikhaya elisha.
UManqele bekulindeleke abolekiswe kuCippa United kule sizini, kanti kuleli qembu ubezodlala nabanye abadlali beDowns, uSiyabulela Shai noThamsanqa Sangweni, nabo ababolekiswe kuleli qembu lasePort Elizabeth.
Funda olunye udaba: Anginankinga nokulwela ijezi - Manqele.
“Bathi bachitha izimali ezishisiwe ngoManqele. Kodwa namanje basazolahlekelwa yizimali ngaye njengoba bezomkhokhela kodwa bengamdlalisi ngoba abafuni adlale. Angazi ukuthi bafuna kwenzakaleni. Iqembu lenza okuningi ukuzama ukuthuthukisa abadlali, kodwa kuzokwenzakalani ngoManqele ngemuva kwakho konke lokhu,” kusho umthombo okhulume neSiya crew.
UManqele washaya amagoli angu-8 kuligi ngesikhathi ebolekiswe kuMoroka Swallows ngesizini edlule.
Phambilini kwabikwa ukuthi iSundowns ifune u-R2 million ngalo mdlali ngesikhathi efunwa yiKaizer Chiefs.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.