Johannesburg - Iphini likamqeqeshi
weTownship Rollers uZachariah Mudzadzi uthi ompetha baseBotswana bakulungele
ukubhekana neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.
IRollers yashaywa Amakhosi ngo-2-1 emelenzeni wokuqala weCAF Champions League eFNB Stadium ngoFebhuwari 14, kodwa uMudzadzi uthi iRollers ikulungele ukubhekana nenselelo.
“Kuzomele sithole igoli ngokushesha bese sizilungiselela ukuukuvala amasango emuva ngoba bazobe sebehlasela ngakho konke abanakho,” usho kanje etshela iKickOff.com.