Share

ElaseTurkey lifuna uMasango?

Johannesburg – Angase ajoyine iqembu laseTurkey obengumdlali weKaizer Chiefs uMandla Masango njengoba kuvela ukuthi kuneqembu elimgaqele lomdlali ongenalo iqembu asayine kulona okwamanje.

UMasango usematasa neqembu lesizwe iBafana Bafana elizodlala umdlalo wokuhlunga we-2016 CHAN neMauritius ngeSonto ekuhambeni.

Ngokuthola kweSiya Crew uMasango ugaqelwe kakhulu yileli qembu elingadalulwanga ngemuva kokuba obenguzakwabo uGeorge Lebese echithe isivumelwano ebesimakhela isamba semali elinganiselwa ku-R10million eminyakeni emithathu ezayo.

Umphathi wabadlali wakuleli uJosiah Mphono ukuqinisekisile ukuthi kuneqembu elifuna uthuli lo mdlali njengoba ezimisele ukumsiza.

OLUNYE UDABA: Uzilolonga neWits owaxoshwa kuSuthu

“Ngiyaxhumana naye (uMasango).

Engikudinga kuyena ukuthi asayine isivumelwano sokuthi ngimumele.

Ubengakasisayini ngenxa yokuthi umatasa neqembu lesizwe.

Nakanjani singagcina sivumelene naleli qembu,” kusho uMphono.

Mphono ukuphikile ukuthi iqembu eligaqele lo mdlali yilelo eliqeqeshwa uStuart Baxter iGenclerbirligi.

Inkontileka kaMasango neChiefs iphele ngoJune ngakho lo mdlali ukhululekile ukuthi angasayina noma nini futhi noma naliphi iqembu elimfunayo.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1009 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1052 votes
Vote
Rand - Dollar
19.22
-0.6%
Rand - Pound
23.93
-0.6%
Rand - Euro
20.55
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.3%
Platinum
913.00
-0.8%
Palladium
1,007.50
-1.8%
Gold
2,323.00
+0.0%
Silver
27.24
-0.2%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE