Johannesburg – IKickOff ithole ukuthi iMpumalanga Black Aces isizwakalise ukuthi inentshisekelo yokusayina umdlali weKaizer Chiefs uMandla Masango.
Inkontileka kaMasango iyaphela ngoJuni kanti sekuvele izindaba zokuthi i-Aces imgaqele lo mdlali okhombise ukukhula kule sizini ephelayo.
Ayikho imfihlo yokuthi umqeqeshi waMaZayoni omusha uMuhsin Ertugral uyazifela ngalo mdlalo nakuba kungenzeka kube nzima ukumheha ukuzodlalela leli qembu esuka eNaturena.
OLUNYE UDABA: Unozinti weBucs uqhwakele ngamavoti kowe-CBL Cup
“Angisazi isimo sakhe kwiChiefs okwamanje kodwa ngicabanga ukuthi ujabulile. Ungumdlali osezingeni kanti noma yimuphi umqeqeshi angakuthokozela ukusebenza naye,” u-Ertugral etshela iKickOff.
UMasango nguyena ohambe phambili ngamagoli kwiChiefs kwisizini ephelayo kanti ubengomunye wabadlali abebeqokiwe kuma-PSL Awards emkhakheni we-MTN8 Last Man Standing.
Uphinde waphuma isibili kwiKickOff Footballer of the Season.
Ukudlala kahle kwakhe kule sizini kumenze wabizelwa naseqenjini leBafana Bafana waba yingxenye yeqembu elidlale umqhudelwano we-Afcon.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho