UMabokgwane ube ngumdlali ovelele ngesikhathi ezakhe ziguqisa i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni obuseNelspruit ngoLwesibili ebusuku.
Lo nozinti udlale kahle waphuca uKermit Erasmus noThabo Qalinge amathuba.
"Wonke umdlalo siwudlala ngendlela efanayo. Awukho esizimisela kakhulu kuwona ngoba nakhu sidlala neqembu elithile ngoba ekugcineni amaphuzu amathathu ayafana kuyona yonke imidlalo,” esho.
OLUNYE UDABA: Sizoyibhincisela nxanye iChiefs - Barker
"Abantu bathe umqeqeshi uyahlanya uma ethi uma sike sanqoba lo mdlalo sizokwandisa amathuba ethu.”
I-Aces isidlale imidlalo eyisithupha ingashaywa, yasuka endaweni yesishiyagalolunye yayohlala kweyesibili yize isele ngamaphuzu angu-9 kuKaizer Chiefs esesicongweni.
"Asinangcindezi, konke esikwenzayo sizokwenza ngesivinini sethu,” kusho uMabokgwane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho