Cape Town - Izwekazi lase-Africa lizokweseka uSepp Blatter okhethweni lukamengameli weFifa ngonyaka ozayo, kusho iConfederation of African Football ngoMgqibelo emhlanganweni wekomidli layo eliphezulu obubanjelwe enhlokodolobha yase-Ethiopia.
Lokhu
kuzomsiza kakhulu lo mholi weFifa oneminyaka engu-78 ubudala omemezele ngenyanga
edlule ukuthi uzofuna ihlandla lesihlanu ekulesi sikhundla.
“I-Africa izomeseka ngokungananazi umengameli weFifa uSepp Blatter
okhethweni olulandelayo,” kusho unobhala jikelele weCAF uHicham el Amrani ekhuluma
nezintatheli.
Funda nalolu daba: IChiefs nePirates koweCAF.
Kodwa isinqumo esithathwe emhlanganweni asisho ukuthi amalungui angu-54 eCAF aphoqelekile ukuba ameseke uBlatter, owake wagxeka umengameli weCAF u-Issa Hayatou.
Okhethweni lwangoMeyi ngonyaka ozayo, uBlatter angase abhekane noJerome Champagne, 56, kuphela omemezele kuleli sonto ukuthi ufisa ukulungenela ukhetho, kubika iKickOff.com.
Lona wayengumelulekile kaBlatter ngaphambi kokuba ayishiye le nhlangano yebhola ngo-2010.
Kodwa nakuba esememezele ukuthi uyafisa ukungenela ukhetho,
kusamele igama lakhe liphakanyiswe amazwe amahlanu angaphansi kweFifa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.