Cape Town – Ukunqoba kweKaizer Chiefs isicoco seligi kuhambisane nokuthi leli qembu, umqeqeshu walo, unozinti kanye nemenenja yalo bazithole sebehlawuliswa ngamacala ahlukene.
UKhune utholwe enecala ngokufaka iligi ehlazweni ngemuva kwesitatimende sakhe asibhala enkundleni yezokuxhumana uTwitter.
UKhune uhlawuliswe u-R50 000 kodwa u-R25 000 walengiselwa wona izinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi angatholakali necala elifanayo ngalesi sikhathi.
UKhune uphinde wayalelwa ukuba akhokhele nezindleko zokuhlala kwekomidi eliqondisa izigwegwe.
Funda nalolu daba: Umqeqeshi uthi akukho sezandleni zabo ngonozinti
UBobby Motaung utholwe enecala lokudelela unompempe wabe esehlawuliswa u-R20 000 olengiswe izinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi angatholakali necala elifanayo ngalesi sikhathi. Uphinde wayalelwa ukuba akhokhele nezindleko zokuhlala kwekomidi eliqondisa izigwegwe.
Iqembu kanye nomqeqeshi walo uStuart Baxter nabo batholwe benecala lokushaya indava umyalelo wePSL omayelana nokuzibandakanya kwesikhulu noma isisebenzi seqembu esimisiwe ebholeni.
UBaxter uhlawuliswe u-R20 000 olengiswe izinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi angatholakali necala elifanayo ngalesi sikhathi.
Iqembu lihlawuliswe uR50 000 labe seliyalelwa ukuba likhokhele nezindleko zokuhlala kwekomidi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.