Cape Town – Okaputeni bamaqembu angu-32 ePremier Soccer League asejoyine uSihlalo uDkt Irvin Khoza,ekugxekeni ukuqhubeka kokuhlaselwa kwabokufika okuqhubeka kuleli.
Amaqembu ePremier Division ne-NFD azogebisa amakhanda azothe imizuzwana ngaphambi kokuqala kwemidlalo ngempelasonto ngenhloso yokuhlonipha labo abalahlekelwe yizimpilo zabo ngesikhathi behlaselwa.
OLUNYE UDABA: Bacela usizo abokufika eGoli
Okaputeni bawo wonke amaqembu babe sebefunda imiyalezo yokuzwelana nezisulu zalolu dlame.
I-PSL ikhiphe isitatimende ngoLwesihlanu yathi: “I-PSL icela ukuthi kube nokuthula nokubekezelelana. Asihambisani nenzondo ebhekiswe kwabanye abantu.”