Johannesburg - Kubikwa ukuthi iNational Soccer League (PSL) isivumile ukwenyusa imali ekholelwa amaqembu adlala kuNational First Division (NFD) zinyanga zonke kusukela ngesizini ezayo.
Okwamanje amaqembu akwiNFD athola u-R380 000 zinyanga zonke, kanti kulindelek eukuba yenyuswe ifinyelele ku-R700 000 ngenyanga, ngokusho kwesikhulu selinye lamaqembu adlala kuNFD.
"Lokhu kuzowasiza kakhulu amaqembu adlala kuNFD," kusho isikhulu.
Funa nalolu daba: I-Uefa iphakamise ukuba kuhlehliswe ukhetho lweFifa
"Lokhu kuzosiza kakhulu ekwethuleni umthwalo wenkinga yezimali nasekuphuculeni izinga lebhola kwiNational First Division."
Amaqembu adlala kuPremier Soccer League wona athola u-R1.5million zinyanga zonke, kubika iKickOff.com.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.