Johannesburg - Inhlangano esakazela umphakathi kuleli, iSABC, ngeke iwusakaze umdlalo wamanqamu womqhudelwano ka-Under-17 kowe-African Youth Championship Final okuzodlala kuwona iNingizimu Afrika ngempelasonto.
Amajimbos azobhekana neMali noma iGuinea ngeSonto ngemuva kokushaya iNigeria ngo-1-0 eNiamey, eNiger izolo.
Abafana baMolefi Ntseki baphinde baqopha umlando ngokuzitholela
indawo kweyendebe yomhlaba yabangaphansi kweminyaka engu-17 ubudala.