Cape Town - ISouth African Football Association isizigxekile izigameko zodlame olubhekiswe kwabokufika okuqhubeka eNingizimu Afrika.
Ngokombiko weSoccerladuma, umengameli we-SAFA uDanny Jordaan, uthe ubona sengathi udlame lwakamuva lucisha bonke ubuhle begalelo leNdebe yoMhlaba ka-2010.
“Ayamukelekile neze indaba yokuhlaselwa kwabantu abavela kwamanye amazwe ase-Afrika,” kusho uJordaan esitatimendeni esikhishwe yi-SAFA.
OLUNYE UDABA: Bacela usizo abokufika eGoli
“Le akuyona into eyayigqugquzelwa yiNdebe yoMhlaba ka-2010. Sathi uma sisingatha le midlalo, sasinezinhloso ezinhle zokuthi senze izwekazi libumbane.
“INingizimu Afrika iyingxenye yezwekazi elihle kakhulu ngakho kumele sigweme ukuziphathisa okwezilwane.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho