Share

I-UEFA iphakamise ukuthi kuhlehliswe ukhetho lweFIFA

Zurich – Inhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo phesheya kwezilwandle i-Union of European Football Association iphakamise ukuthi kuhlehliswe ukhetho lweFIFA lokukhetha umengameli.

Lo khetho lobuholi kulindeleke ukuthi libanjwe ngoLwesihlanu njengoba uMengameli weFIFA eyintandokazi yokunqoba lolu khetho.

Lokhu kulandela ukuboshwa kwezikhulu eziphezulu zeFIFA ngoLwesithathu eZurich ngemuva kophenyo obeluqhutshwa i-United States lweminyaka.

Phakathi kwezikhulu ezikhalelwe ngamasongo kaSigonyela kubalwa oSekela Mengameli beFIFA uJeffery Webb no-Eugenio Figueredo, owayesikhulu esiphezulu kule nhlangano uJack Warner noMengameli weBhola likanobhutshuzwayo eCosta Rica u-Edeardo Li nezinye izikhulu.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke aphendule uMbalula ngezika-2010

Ngokubika kweKickOff i-UEFA ikhiphe isitatimende esibhalwe ukuthi:

“Isigameko esenzeke kwizikhulu zeFIFA sithunaze kakhulu isithunzi sale nhlangano nebhola likanobhutshuzwayo emhlabeni jilelel.

I-UEFA ishaqekile kakhulu ngalesi sigameko ngoba sikhombisa ngokusobala ukuthi inkohlakalo idla lubi kwiFIFA.

Isigameko esifana nalesi sichaza ukuthi kumele kube nezinguquko ezinqala kule nhlangano. Kungakuhle ukuthi ukhetho lwangoLwesihlanu lokukhetha ubuholi kule nhlangani luhlehliswe kuze kube kuphothulwa uphenyo olugcwele.

Ukuqhubeka nokhetho ngaphansi kwalesi sisimo kungakhombisa ukubukela phansi isithunzi sale nhlangano,” kusho isitatimende.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 951 votes
No! It's time to move on ...
33% - 465 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE