Johannesburg - UShakes Mashaba uthi amaqembu esizwe abuyisa ukuzigqaja kulandela impumelelo yeqembu laMajita yokuthola indawo kweyeCAF Youth Championship ezobanjelwa eSenegal ngonyaka ozayo, KickOff.com.
Iqembu laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engu-20 ubudala, eliqeqeshwa uMashaba, lizicabele indlela ngemuva kokushaya iCameroon ngo-2-1 ePeter Mokaba Stadium ngeSonto.
UMashaba, osethathe izintambo kuBafana, usephonsele kuleli qembu inselelo yokuba ilingise abafana abancane.
Lo mqeqeshi ngoMsombuluko uzohlangana okokuqala neBafana njengoba izobe izilolonga eMarks Park ngaphambi kwemidlalo yabo neSudan neNigeria.
"Kade ngangisho ukuthi inhlanhla isisibhekile nathi ebholeni laseNingizimu Afrika futhi ngizizwa ngijabule njengoba sengiyocija iBafana Bafana ekubeni iqembu aMajita ephumelele," kusho uMashaba.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.