Share

IBafana ihlalelwe yisikweletu - Mokotjo

Johannesburg - UKamohelo Mokotjo ukholelwa ekutheni iBafana Bafana ihlalelwe yisikweletu sokujabulisa abantu baseNingizimu Afrika ekutheni ihlungelwe imiqhudelwano emikhulu ebholeni emhlabeni jikelele.

Abadlali kumele bakhuphule amasokisi baqinisekise ukuthi iqembu lesizwe lenza kahle, kusho uMokotjo ekhempini yeBafana eGoli ngoLwesibili, ngaphambi kokuthi batholane phezulu neSudan.

“Kumqoka ukuthi iBafana ibe yingxenye ye-Africa Cup of Nations kanye neminye imibhikisho emikhulu ekhona,” esho.

“SiyiNingizimu Afrika kumele sibe sesicongweni, kungumsebenzi wethu ukwenza lokho. Umqeqeshi usewenzile umsebenzi wakhe, okunye kusezandleni zethu.”

UMokotjo uthe uyakujabulela ukuzifakela inselelo nokuthola ithuba lokumela izwe.

“Angisabi ukwenza amaphutha, yiso isisekelo sokuba ngumdlali onohlonze leso.”

IBafana izobhekisa amabombo eKhartoum ngoLwesithathu ngaphambi komdlalo wayo neSudan ngoLwesihlanu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 394 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 546 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE