Johannesburg - Amagoli amabili ngesiwombe sokuqala kaLehlohonolo Majoro noSiphiwe Tshabalala, nelesiwombe sesibili likaMay Mahlangu asize iBafana Bafana yabuyisela isithunzi ngesikhathi iwina ngo 3-1 ibhekene neMalawi eThekwini.
Lo mdlalo ubuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Lokhu kunqoba bekungokwesithathu kukaGordon Igesund emidlalweni eyisithupha ngaphansi kwesandla sakhe.
Lo mdlalo ububaluleke kakhulu njengoba iqembu lizilungiselela i-Africa Cup
of Nations nezosingathwa yileli ngoJanuwari.
U-Igesund uthe akungatshazwa ukuthi ujabule ngale miphumela: “Ngijabule kakhulu ngokudlala nokuzimisela kweBafana, kanti nami ngithole ithuba lokufaka abadlali abaningi abahlukene."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA