isiZulu Ama site/IZINHLELO >

IBidvest Wits isipike umqeqeshi

2012-07-12 14:04
Johannesburg - I-Bidvest Wits isikuqinisekisile ukuthi isiqoke lowo owayeqeqesha iMamelodi Sundowns u-Antonio Lopez Habas ukuba acije leli qembu, kubika iKickOff.com.

UHabas uzosizwa nguMiguel Gonzalez Martinez.

"Siyajabula ukuthola umqeqeshi osezingeni lika-Antonio Lopez," kusho isikhulu esiphezulu seWits uJose Ferreira ku-website yeqembu.

"Unolwazi oluningi ebholeni  kanti usesebenze amazweni ahlonishwayo kwezebhola njengaseSpain.

"Ukuqashwa kwakhe kuhambisana ncamashi nalokhu okufunwa yiqembu ukuba lidlale ibhola elisezingeni eliphezulu futhi kube yiqembu eliphumelelayo kuPSL.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)