Bloemfontein – Isikhulu esiphezulu seBloemfontein Celtic uKhumbulani Konco usephumele obala wakucacisa ukuthi ukungaboni ngasolinye abanakho neKaizer Chiefs mayelana nodaba lomgadli u-Camaldine Abraw ngeke kuthikameze ubudlelwano obuhle bala maqembu.
La maqembu abhekene ngeziqu zamehla kulandela udaba lalo mgadli odabuka eTogo osanda kumenyezelwa ngokusemthethweni yiChiefs.
ICeltic isamile ekutheni yamsayina inkontileka yesibambiso lo mgadli kanti iChiefs yona ithi yakhokhela iFree State Stars ngemuva kokuba isebenzise ithuba enalo lokuvuselela inkontileka ka-Abraw.
OLUNYE UDABA:IWits ayikacacisi ngobegijima kwiZinyoni
UKonco uthe oyiChief Executive Officer kwiCeltic uthe iqembu lakhe lifuna ubulungiswa ngalolu daba njengoba ekucacisile ukuthi ayikho ingxabano ekhona phakathi kwezakhe neChiefs.
“Izinkinga ezifana nalezi ziyenzeka mihla namalanga kwelikanobhutshuzwayo ngakho akukhona ukuthi silwa neChiefs. Sizolinda i-PSL ithathe isinqumo ngalolu daba,” uKonco etshela iKickOff.
“Sinobudlelwano obuhle kakhulu neChiefs futhi lesi simo ngeke sisixabanise nakancane.
Esikushoyo ngasohlangothini lwethu ukuthi u-Abraw ungumdlali wethu nje kuphela.”
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
Landela IzindabaNews24 kuTwitter