Johannesburg – Sekuvele ukuthi iKaizer Chiefs ihamba phambili kumaqembu agaqele isiqongqwane sasemuva seFree State Stars uDaniel Cardoso ngokubika lweKickOff.
UBradley Carnell ongumeluleki walo mdlali ykuqinisekisile ukuthi lo mdlali uzimisele ngokuqhubekela phambili empilweni kanti kungenzeka ajoyine iChiefs maduze.
OLUNYE UDABA: I-PSL yenyusa imali yamaqembu adlala kuNFD - Umbiko
“Kuningi okushiwoyo okwamanje kodwa sisaxoxisana namaqembu ahlukene. Sizothatha isinqumo ngesonto elizayo.
Nakanjani uCardoso uzimisele ngokushiya kwiStars kanti iChiefs iyona eyintandokazi,” kusho uCarnell.
UCardoso oneminyaka engu-26 ubudala udlale imidlalo engu-22 ngesizini edlule ye-Ea Lla Koto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho