Johannesburg - Kubikwa ukuthi ompetha bePSL, iKaizer Chiefs, sebeqale kabusha ngemizamo yabo yokuthola uMoeketsi Sekola weFree State Stars.
Umgadli weFree State Stars ukewamataniswa neChiefs, kanti ngokusho komthombo okhulume nabeKickOff.com, lo mgadli kusengenzeka alishiye leli qembu.
Funda nalolui daba: Sizimisele ngoweCAF Confederation - OweBucs
“IChiefs ibizama ukusayinisa uBongani Ndulula, kodwa asikho isiqiniseko sokuthi lokhu kuzokwenzeka ngoba abavumelani ngemibandela,” kusho umthombo.
“Ngakho elinye ithuba enalo iChiefs ukuthi isayinise uSekola, uma kodwa ivumelana ngodaba lwemali ezomthengisa ngayo iStars, maningi amathuba okuthi ajoyine iChiefs.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.