Johanessburg - Umqeqeshi weChippa United, uKosta Papic, usekuqinisekisile ukuthi ama-Chilli Boys asesayine lowo owayengunozinti weFree State Stars, uTshepo Motsoeneng, kubike iKickOff.com ngoLwesithathu.
UMotsoeneng, owadedelwa yi-Ea Lla Koto ngoJuni, udlalile kowobungani ngesikhathi i-United ishaywa yiKaizer Chiefs ngeSonto eNelson Mandela Bay Stadium, kanti uPapic uchazekile ngendlela adlale ngayo lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala.
“Ngijabule kakhulu ngoMotsoeneng futhi usesayinile, ngakho uzohlala nathi, kusho uPapic etshela iKickOff.com.
Lo mqeqeshi uqhube wathi: “Sisafuna abanye abadlali, ikakhulukazi abagadli.”
Khonamanjalo, sekubukeka sengathi iChippa ngeke isamsayinisa umdlali weBidvest Wits uErwin Isaacs, ngokusho kwe-COO yeqembu, uThabiso 'Shooz' Mekuto.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.