Share

IChippa ivule izandla kwabafuna uDavid Zulu

Johannesburg – Umnikazi weqembu eligijima kwi-Absa Premiership uSiviwe ‘Chippa’ Mpengesi ophethe iChippa United uthe iqembu lizivulile  izandla ukuba sezingxoxweni zokuthengisa umgadli uDavid Zulu.

Ngokubika kwe-KickOff lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala esabhakuzise inethi izikhawu ezine kule sizini kanti namaqembu akhombisa intshisekelo kuyena ayanda kakhulu.

UMpengesi ukuqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu azimisele ukumthenga lo mgadli owashaya ingcwenga yegoli ngesikhathi iChippa ibhekene ne-Orlando Pirates.

“Ngiyajabula kakhulu ukuthi uZulu odlale iqembu lami uyakwazi ukuheha amaqembu athathwa njengamakhulu,” kusho uMpengesi.

OLUNYE UDABA: IChippa United izodayisa uPietersen ngo-R5m

“Ngiysaziqhenya ngaye futhi ngimtshelile lokho. Kumele samukele futhi sivumelane ukuthi sivulelekile ukuba sezingxoxweni naloma yiliphi iqembu elifuna ukumthenga.

Kubukeka sengathi kukhona okuhle okuzayo kuye futhi simfisela okuhle kodwa,” kusho lesi sikhulu. 

UMpengesi wenqabile ukudalula ukuthi malini abayibekile ngalo mgadli  obeyingxenye yeqembu likaShakes Mashaba iBafana Bafana emidlalweni yokuhlunga ye-2015 Africa Cup of Nations nakuba engadlalanga.

“Ngengoba ngake ngasho phambilini ukuthi angikho ebholeni ukuzokwenza ibhizinisi, kimina okubalulekile ukuphatheka kahle komdlali. Uma ekujabulela ukuya lapho efuna ukuya khona, okunye nokunye kuzolandela,” esho.

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 449 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 949 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE