Johannesburg – Sekuvele imibiko ethi iChippa United isizame ukushela lowo owayengumqeqeshi wayo, uRoger Sikhakhane, ukuba acije leli qembu ngesizini ezayo.
IChilli Boys yaxosha uSikhakhane izikhawu ezingabaleki, kanti okokugcina kwaba ngoJanuwari ngesikhathi iqembu seliqasha u-Ernst Middendorp.
Nokho uMiddendorp naye waphinde wafakwa amasondo nalowo owamngenela uMich d’Avray.
OLUNYE UDABA: IChippa iqashe uSikhakhane ngokugcwele
Ngo-Ephreli, uSikhakhane wathatha umsebenzi wesikhashana wokuqeqesha iqembu elidlala kuNational First Division, iThanda Royal Zulu.
"Sebeke bakhuluma nami ngokuthi ngibuye, kepha ayikho into ebhalwe phansi,” kusho uSikhakhane etshela iKickOff.com.
"Ngisengumqeqeshi weThanda kuze kuphele isizini.”