Johannesburg – IMamelodi Sundowns sekuvele ukuthi ayizimisele ukuphosa
ithawula ngokusayina umdlali we-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa.
Kubikwa ukuthi
inkontileka kaManyisa iya ngasekupheleni ne-Pirates kanti kunamaqembu aphesheya
kwezilwandle asekhombisa intshisekelo kuyena.
Phambilini i-SoccerLaduma ibike
ukuthi iSundowns izimisele ukuguga iphakeme ukuze isayine uManyisa oneminyaka
engu-26 ubudala.
ISiya crew isihabule
ukuthi lo mdlali ufunwa uthuli ngamaqembu aseBelgium naseSpain. UThabo Moloto
ophethe izindaba zikaManyisa uveze ukuthi:
OLUNYE UDABA: UManyisa ungu-Iniesta wakuleli - McCarthy
“UManyisa ugxilise umqondo wakhe
kwiPirates okwamanje futhi uzimisele ukuthi iqembu lakhe linqobe iligi.
Siyazi ukuthi inkontileka yakhe nePirates
iyaphela kodwa lokhu akusiyona into esiyibhekile okwamanje,” esho.
IBucs
kusalindeleke ukuba ibekele lo mdlali etafuleni inkontileka entsha.
UManyisa
uzokwazi ukuxoxisana namaqembu amdingayo kusukela ngomhlaka 1 kuJanuary
njengoba kuzobe sekusele izinyanga ezingaphansi kweziyisithupha nePirates.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho