Kubikwa ukuthi leli qembu elingagodoli ngemali uma kukhona umdlali elimfunayo lifuna uthuli uPatrick Phungwayo ogijima emuva kwiBucs.
Phambilini kwabikwa ukuthi uPhungwayo oneminyaka engu-26 ubudala wabe engagculisekile kwiBucs kulandela ukungalitholi ijezi.
Inkontilea kaPhungwayo oseqalile ukudlala kwiBucs iyaphela ngoJuni 2015.
OLUNYE UDABA: Angase abuyele ejokeni uPhungwayo
UPhungwayo oqale ukuthola ijezi ngemuva kokulimala kukaThabo Matlaba ungomunye wabadlali abangu-34 abamenyezelwe nguShakes Mashaba ngoLwesine abangase babe yingxenye yeqembu elizoya e-Equatorial Guinea.
Nakuba iDowns isizwakalise intshisekelo kuPhungwayo kodwa kubukeka esemancane amathuba okuthi iBics ingamdedela ngemuva kokwenza kahle ngesikhathi uMatlaba esalimele.
Kuzokhumbuleka ukuthi iDowns igaqele omunye umdlali weBucs u-Oupa Manyisa osanda kugixabezwa ngesikhundla sobukaputeni kuleli qembu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho