Johannesburg - Umgadli weMamelodi Sundowns uCuthbert Malajila, ukholelwa ukuthi iqembu alidlalelayo lizobe liwulungele umdlao ozoba ngoMqgibelo nePlatinum Stars.
AmaBrazilians azobe ebhekene neDikwena emdlalweni we-MTN8 enkundleni iLoftus Versfeld ngoMgqibelo mhlaka-2 ku-Agasti, kubika iSiya crew.
"Ngemuva kwesikhathi eside kungekho mdlalo obalulekile, ngingakutshela ukuthi abadlali abasakwazi ukulinda lo mdlalo wokuqala wesizini ikakhulukazi njengoba bezobe bedlala neqembu elifana nePlatinum Stars.
"Kuzomele uqonde futhi ukuthi kuyethusa njengoba sizobe sivula isizini sidlala nabo.
"Ngifisa ukwazi ukuthi abantu bazobe besakhuluma yini ngabeStars njengoba baziwa njengeqembu elihamba phambili njengoba sabashaya kule sizini edlule. Kuzoba ngumdlalo omnandi njengoba womabili la maqembu ezimisele ngokunqoba.
"Kwesinye isikhathi kuyadingeka ukuthi iqembu lidlale ngosuku lokuqala uma kuvulwa isizini ukuze lizozimisela."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter