Ngokombiko we-SoccerLaduma iPSL ixwayise abalandeli ukuba bangwathengi amathikithi kubantu noma ezindaweni ezingagunyaziwe ngoba kungenzeka lawo mathikithi kube ngawomkokotelo.
Lo mdlalo wamanqamu uzoba ngoMgqibelo kusihlwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
OLUNYE UDABA: Kukhethwa iphela emasini ku-PSL - Umbono
Amathikithi alo mdlalo aphela kungakapheli namahora amathathu eqalile ukuthengiswa kanti isikhulu sezokuphepha kwiPSL uPhillip Masimong uthe abalandeli abazobanjwa namathikithi angumbombayi bazoboshwa babhekane nengalo yomthetho.
“Sizosebenzisana namaphayisa akwaSAPS nezinkampani ezizimele zonogada ukuqinisekisa ukuthi akekho ongena enkundleni namathikithi omkokotelo.
Sizobe siqaphe ngeso lokhozi ngakho ke sinxusa bonke abangenawo amathikithi bangasondeli nhlobo eduze kwenkundla iMoses Mabhida,” kusho uMasimong kwisitatimende esikhishwe ngabePSL enanela ngokuthi nalabo abazobe bedayisa amathikithi ngaphandle kwenkundla bazothathelwa izinyathelo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter