Johannesburg – I-Orlando Pirates ithi akuwona umqondo omuhle ukubizelwa kwabadlali bayo kwiBafana Bafana njengoba iqembu lesizwe lizodlala imidlalo emibili yobungani.
Lokhu kungenxa yokuthi iPirates ikhala ngokuthi abadlali bakhathele njengoba besanda kubuya kowe-CAF Confederation Cup.
AmaBhakabhaka ashaye i-Al Ahly ukuze afinyelele kowamanqamu, kanti atheleke kuleli ngoLwesibili ntambama, uMpho Makola, Thamsanqa Gabuza noThabo Matlaba kulindeleke ukuba bajoyine isikwati seBafana.
IBafana izodlala neCosta Rica neHonduras ngomhlaka-9 no-14 Okthoba.
OLUNYE UDABA: I-CAF inqabe isicelo se-Orlando Pirates
"Sihambe kakhulu njengoba besiyodlala eGibhithe, kungani iBafana ingenzanga ezinye izinhlelo?” kubuza umxhumanisi weqembu nabezindaba uFloyd Mbele.
“Ikakhulukazi njengoba iBafana izobe idlala kowokuhlungelwa i-African Nations Championship, kanti la badlali ababiziwe kungenzeka ukuthi bangalitholi nokulithola ijezi.”
UMbele uthe iPirates yacelwa ukuba baphunyuzwe abadlali bayo ngokuthi bangabizelwa esikwatini sikaShakes Mashaba.
“Saxoxa ngakho, kepha abadlali bethu babizwa khona kunjalo,” esho.