Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates linethemba lokuthi lizokwazi ukuthola uTshepo Gumede noTendai Ndoro ngaphambi kokuvalwa kwesikhathi sokuthengwa kwabadlali ngoLwesihlanu.
IBhakabhaka libangisana neSuperSport United ekutholeni umdlali
wasemuva wePlatinum Stars, kanti uNdoro yena usephumele obala wathi ufisa
ukudlalela iPirates, ngokusho kwemithombo esondelene neqembu lakhe iMpumalanga
Black Aces.
Funda nalolu daba: 'OwePirates lizophela isinto esengoweDowns.'
Isikhulu sePirates sithi usihlalo waleli qembu u-Irvin Khoza uzama
konke okusemandleni akhe ukuthoal laba badlali. Isikhulu asingafunanga
ukudalulwa.
"Usihlalo uzibambele mathupha odabeni olithinta uGumede noNdoro," kusho isikhulu sitshela iKickOff.com.
"Engingakusho nje ukuthi izinto zibukeka zihamba kahle.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.