Johannebsurg - Kubikwa ukuthi sezikuvuthondaba izingxoxo phakathi kweqembu le-Orlando Pirates nonozinti wePlatinum Stars, uSiyabonga Mpontshane.
Ngokusho kwemenenja yalo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala, uTim Sukazi, umdlali neqembu lePirates basezingxoxo esezikuvuthondaba manje, kodwa nomakunjalo akukhona osekuphothuliwe.
Funda nalolu daba: I-Aces neDikwena embangweni womdlali wePirates.
“Sisezingxoxweni ne-Orlando Pirates kodwa okwamanje uMpontshane usangumdlali wePlatinum Stars . Ebholeni ke izinto zishintsha ngokushesha, “ kusho uSukazi.
Unozinto weDikwena sekuphele isikhathieside emataniswa neqembu lamaBhakabhaka selokhu kwashona uSenzo Meyiwa.
Inkontileka kaMpontshane neStars iphela ngoJuni 2016, kubika iSoccerLaduma.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).