Share

IPirates iyaziphendulela ngokushiwo uPitso

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates seligxeke umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ngokubuza ukuthi baze kanjani ukuthi u-Alje Schut udlala ngekhadi eselidlulelwe yisikhathi.

Ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili, iPirates ifakele iDowns isimangalo ngokusemthethweni, ikhala ngokuthi uSchut unekhadi lokudlala eselidlulelwe yisikhathi.

UMosimane ukhale ngesandla semfene kuloludaba, nokwenze amaSea Robbers akhipha isitatimende eziphendulela.

“I-Orlando Pirates Football Club ibona ukuthi kufanelekile ukuba ucacise ngaloludaba kulandela ukuphawula komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, okungelona iqiniso ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates, kusho leli qembu esitatimendeni.

IPirates iqhube yathi uMosimane akayena umqeqeshi omusha eNingizimu Afrika, uyazazi izinto ezenziwayo njengoba zinjalo ebholeni lakuleli futhi uyazi ukuthi ngesonto okuzodlalwa ngalo, izimenenja zamaqembu azobhekana ziyahlangana, zibonisane ngodaba lwamajezi abazowasebenzisa ukuze bangagqoki amajezi afanayo.

“Uyazi futhi ukuthi izimenenja ziphinde zibheke namakhadi abadlali ukuqinisekisa ukuthi asemthethweni yini. Kubonakale lapho-ke ukuthi ikhadi lika-Alje Schut selidlulelwe yisikhathi,” kusho iPirates esitatimendeni.

 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 559 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 578 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.1%
Rand - Pound
23.78
+0.0%
Rand - Euro
20.44
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
924.90
+0.5%
Palladium
1,034.50
+0.8%
Gold
2,326.12
+0.2%
Silver
27.40
+0.3%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,051
0.0%
All Share
74,011
0.0%
Resource 10
59,613
0.0%
Industrial 25
102,806
0.0%
Financial 15
15,897
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE