"Konke kusangithokozisa okwamanje, empeleni sengilindele ukuthi isizini iqale,” kusho uTinkler.
"Ukudlala ibhola eliyingcwenga nokuvikela iNedbank Cup kuzobajabulisa kakhulu abalandeli. Sizobe singagayelwe mphako kulokhu.”
IPirates izodlala neqembu elidlala kuSecond Division, iTornado FC, e-Orlando Stadium ngoFebhuwari 18.
OLUNYE UDABA: Banikezwe ikhefu abadlali be-Orlando Pirates
UTinkler, owangena kwesokuqeqesha ngemuva kokuhamba kukaVladimir Vermezovic, uthe isikhathi esiningi usichithe nabadlali ngesikhathi sekhefu.
"Ngiyabancoma abadlali ngokuzimisela nokubekezela kusukela ngathatha izintambo kuleli qembu.”
Njengoba u-Oupa Manyisa eyamaniswa neMamelodi Sundowns, uTinkler uthe kungaba muncu ukulahlekelwa yilo mdlali.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho