Share

ISAFA ihlela imidlalo yokulwa nokuhlaselwa kwabokufika

Johannesburg – Inhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzwayo kuleli i-South African Football Association idalule ukuthi izohlela imidlalo emibili ebalulekile yeBafana Bafana ngenhloso yokuhlanganisa amazwe ukulwa nesihlava sokuhlaselwa kwabokufika.

Isikhulu esiphezulu se-SAFA uDennis Mamble uthe bazosebenzisa ibhola likanobhutshuzwayo ukuhlanganisa abantu ngokuhlela imidlalo namanye amazwe ase-Afrika.

“Le midlalo sihlose ngayo ukuhlanganisa izwekazi i-Afrika.

Obekwenzeka kulezi zinsuku ezehlule kushiye abantyu abaningi beshaqekile futhi bedumele,” kusho uMumble kwisitatimende esikhishwe yile nhlangano ngokubika kweSoccerLaduma.

“Sesiqoke ukuthi ukuthatha elinye igxathu ukulwa nokucwasana nodlame olubhekiswe kwabokufika.

OLUNYE UDABA: I-SAFA igxeke ukuhlaselwa kwabokufika

UMadiba wakhuluma ngamandla ezemidlalo ekuhlanganiseni abantu abahlukene, ngakho sizosebenzisa amandla ebhola likanobhutshuzwayo ukuhlanganisa abantu baleli lizwekazi.”   

UMumble uthe izigameko zakamuva zodlame olubhekiswe kwabokufika sezithunaze isithunzi seNingizimu Afrika.

“Iningi labantu kwezemidlalo seliphumele obala lazwakalisa ukushaqeka nokungahambisana nezigameko zakamuva.

Sifuna ukuthumela umyalezo ukuthi kulabo abaqhuba lezi zigameko ukuthi kubi abakwenzayo futhi asihambisani nakho,” kusho uMumble enanela ngokuthi basazowamemezela amazwe azodlala neBafana maduze.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
40% - 219 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
60% - 331 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
-0.5%
Rand - Pound
24.02
-0.5%
Rand - Euro
20.51
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.6%
Platinum
900.15
+0.4%
Palladium
1,000.00
-0.2%
Gold
2,209.06
+0.7%
Silver
24.59
-0.2%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,122
+0.7%
All Share
74,310
+0.5%
Resource 10
56,908
+2.2%
Industrial 25
103,615
+0.3%
Financial 15
16,488
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE