Share

ISAFA izoqhubeka nokushushisa abazihlangula kwiBafana

Johannesburg – ISouth African Football Association ithe isazoqhubeka nokushushisa abadlali abanquma ukuzihlangula kwiBafana Bafana ngesikhathi ihambele e-Australia naseNew Zealand ekupheleni kwesizini edlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMeyi kulo nyaka kunabadlali abachitha iBafana Bafana ngesikhathi isengaphansi komqeqeshi uGordon Igesund.

I-CEO yeSAFA uDennis Mumble utshele iKickOff ukuthi basazoqhubeka nokuthi babashushise abadlali abanqaba ukuba yingxenye yeBafana Bafana.

Kulaba badlali kubalwa uTeko Modise, Sthembiso Ngcobo, Oupa Manyisa noThabo Matlaba.

OLUNYE UDABA:  ISAFA ibambe umoya ngabadlali kowokuhlonipha uMandela

“Sizobashushisa labo badlali abanqaba ukuya e-Australia naseNew Zealand,” kusho uMumble engqungqutheleni yabezindaba.

“Uma sifuna ukushushisa umdlali odlala kwiPSL sizokwenza lokho ngoba siyiSAFA futhi yithina esengamele ibhola likanobhutshuzwayo kuleli,” esho.

UMumble akafunanga ukuchaza ngesijeziso salaba badlali uma betholwa benecala kodwa waveza ukuthi lokho kuzonqunya yikomidi lokuqondiswa izigwegwe.  

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 330 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 636 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
-0.2%
Rand - Pound
23.67
-0.2%
Rand - Euro
20.21
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.20
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
979.10
+0.3%
Palladium
1,023.50
+0.1%
Gold
2,371.64
-0.5%
Silver
28.28
-2.0%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
67,074
-1.9%
All Share
73,195
-1.8%
Resource 10
61,690
-3.4%
Industrial 25
98,834
-1.3%
Financial 15
15,645
-1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE