Johannesburg - Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs izame ukuthenga umdlali oshaye amagoli amaningi ukubedlula bonke ngesizini edlule kuPSL, uMoeketsi Sekola, kodwa iFree State Stars yabachitha.
Lo mdlali ufunwa amaqembu adlala ku-PSL, kanti kuthiwa iChiefs neSundowns yiwoma amaqembu abahamba phambili emizameni yokumthola.
Nakuba isisayine uCamaldine Abraw noDaniel Cardoso kwiStars, iChiefs ichihiwe emizameni yayo yokuba uSekola naye aye eNaturena.
Funda nalolu daba: UMashamaite useqalile ukuzilolonga nelaseNew York.
Ngokomthombo weSoccerLaduma osondelene ne-Ea Lla Koto, Amakhosi azame ehluleka ukwengeza ngalo mgadli esikwatini sikaSteve Komphela.
“IChiefs ifake isicelo ngoSekola, kodwa iStars yanqaba. Izikhulu zalamaqembu bezixoxisana ngalo mdlali. Engingenaso isiqiniseko sakho ukuthi ibimfuna ngamalini lo mdlali,” kusho umthombo.
IChiefs kubikwa ukuthi ifuna noKatlego Mashego futhi kwiStars.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.