Johannesburg - IMamelodi Sundowns isicabanga ukumdedela umgadli wayo osefuna ukulifulathela leli qembu, u-Edward Manqele.
Emasontweni ambalwa edlule udaba lukaManqela belusematheni ngezizathu ezingezinhle ngemuva kokuba ingaphumelelanga imizamo yokuba olekiswe kuChippa United.
Ngemuva kwalokho lo mdlali wamangalela leli qembu kuDRC yePSL, efuna ukuba limdedele kulandela ukungabhaliswa kwakhe kuPSL kule sizini.
IKickOff.com ibike ukuthi uManqele kungenzeka sifezeke isifiso sakhe sokuhamba.
“Lolu daba lusezandleni zabameli kodwa ngokuhamba kwesikhathi lo mdlali uzodedelwa, sekusele kancane,” kusho umthombo osondelene naleli qembu.
Funda nalolu daba: Akasayi kuChippa United uManqele.
“Lolu daba lwenza iSundowns ingabukeki kahle kanti manje isicabanga ukumdedela,” usho kanje.
“Kwesinye isikhathi abadlali baya emaqenjini amakhulu benethemba lokuthi izinto zizobahambela kahle kodwa kwesinye isikhathi ekwenzeki kanjalo. Kudingeka usebenze kanzima,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.