Pretoria- Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usefanise iqembu lakhe nezinkunzi zaseSpain, iBarcelona, wathi bona bahlale befuna ukuwina ngesitayela.
UMosimane ufanise leli qembu lakhe neBarca ngemuva kokuba lishaye iMoroka Swalows ngo 2-0, ngamagoli kaMame Niang noKudakwashe Mahachi eDobsonville Stadium.
UMosimane utshele iKickOff.com ukuthi: "IMamelodi Sundowns ifana neBarcelona, hhayi nje ngokuwina kuphela kodwa ngoba iwina idlala ibhola elihle.
"Ngesikhathi sithenga iMame Niang, sathola ukugxekwa kuthiwa sesizoshintsha indlela esidlala ngayo.
Angimlethelanga lapha ukuthi azodlala ngekhanda kuphela,” usho akanje.
UMosimane uthe ukusebenzisana okwenze baqeda ngeZinyoni.
"Awamaningi amaqembu afika eDobsonville ashaye amagoli amabili, awine,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UMosimane uphinde wathi uthanda ukuxolisa kubalandeli beqembu lakhe ngokwehluleka ukushaya amagoli amaningi emdlalweni wabo neSwallows ebisidlala ingaphelele.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.